Skip to content Skip to sidebar Skip to footer

[Download] "Ngenziwa Abangani" by Sphamandla Nzama * Book PDF Kindle ePub Free

Ngenziwa Abangani

📘 Read Now     📥 Download


eBook details

  • Title: Ngenziwa Abangani
  • Author : Sphamandla Nzama
  • Release Date : January 14, 2020
  • Genre: Fiction & Literature,Books,
  • Pages : * pages
  • Size : 298 KB

Description

Ngenziwa Abangani. Le ncwadi ikhuluma ngomfanyana owazalelwa phakathi komhlane nembeleko. Kwi SAHLUKO sokuqala, siyathola lapho uMaThwala engena esibhedlela ngenxa yokushaywa uhlangothi. Emva kokucabanga kakhulu ngendodana yakhe uSekwanele oselalela kakhulu abangani okudlula abazali bakhe. Ngoku ngalaleli abazali uSekwanele ugcina esengene ebugebengwini, Okuyinto unina noyise abangaze bayicabange ukuthi ingenzeka kwezabo izingane. Emva kokuba uSekwanele eyeke isikole nabangani bakhe. Uphenduka ushaya sbhamu oqavile endaweni yase-Zakheni Kwa-E. Kule ncwadi sithola ukuhlakazeka komuzi ka-Mhlongo ngenxa yengane yakhe eyili hlongandlebe. Emva kokuba umhlongo echithe iminyaka eminingi efunda eNyuvesi, efundela ukuba lijaji lenkanto enkulu. Ugcina esethole umsebenzi kwandonga ziyaduma e-Goli. Ukushiya kwakhe umkakhe ekhaya nabantwana babafana bodwa, Kwenza uMaThwala ahluleke ukulawula Indodana yakhe yokuqala uSekwanele. Izigameko zikaSekwanele nabangani bakhe, zigcina zibafaka kwenkulu inkinga. Emva kokubulala usomabhizinisi omkhulu endaweni Yase-Qinisa. Kuba yilapho bezibona ukuthi sebengoshaya sibhamu abakhokhelwayo futhi abahlonishwayo. Bagcina bezibona sebewuphethe ngezandla umhlaba. USekwanele, emva kokuba elahlekelwe yisinqandamathe sakhe uZiphezinhle. Ugcina eselekela umngani wakhe uBhedu ngokubulala abafana base-Pitasi abanga bangani bakhe uNzuzo. Ngelesenzo uSekwanele kanye nabangani bakhe, bazithola bekwenkulu inkinga emva kokufunwa ngaba kwasidlodla, Ngamacala okubulala nawokubamba inkunzi. Indaba yabo ikhula ize ifike emaphephandabeni okuyilapho iphephandaba litholwa uManqoba ongumagcina kaMaThwala. Ukufika kwephephandaba noLungelo uMaThwala uhluleka nawukuphendula emva kokubona indodana yakhe igcwele emaphepheni. Kuleli Khaya lika-Mhlongo izimfihlo ziningi. Njengoba kukhona uMaCebekhulu ongumsizi walapha ekhaya. Ongunina kaThokozane. Yize uThokozane ekhule engamazi uyise kepha, emva kokuba aphothule izifundo zakhe zobuThishela. Uzibona efanelekile ukuba athole uyise wakhe naye ukuze ezojabula kanye naye kulezi ziqu zakhe ezingatholwa unoma ngubani. UMaCebekhulu ugcina engasabazi ubuthongo, engasazi nokuthi uzothathani ahlanganise nani. Phela ukutshela kwakhe uThokozoane iqiniso lokuthi uyise wakhe uMhlongo. Lokho kuyokwenza ukuthi uMaThwala agcine ezenyeza njengo Nkosikazi walapha ekhaya. Kwi SAHLUKO 13, Sithola uSekwanele esekhalelwe amasango kasigonyela yedwa, abangani bakhe sebemjikele bamshiya nawo wonke amacala lawa kade bewenza. Sithola uyise kaSekwanele uMhlongo ephethe icala lendodana yakhe, okuyinto engajwayelekile ukwenzeka. USekwanele uzithola enamacala okubulala, njengoba bonke ubufakazi bukhomba yena futhi nabangani bakhe sebemphendukele baba ngofakazi benkantolo. Ukushiywa ngabangani ecaleni ekubeni ebekade enabo. Lokho kumenza akhumbule amazwi kanina awasho kwi-SAHLUKO 1 mhla ethi “Ngelinye ilanga, Ngomunye unyaka. Mtanami uyozisola, lapho kuyobe kungasekho ukubuyela emuva uyobe usuwedwa ungenabani oyokuzwela, nami ngiyobe sengilele kobandayo. Laba bafana obabiza ngabangani hhayi mina angiba thandisisi kahle”. Kuthi lapho inkanto enkulu yase-Goli. Ekuthiwa i-Johannesburg High Court, imgweba imnyaka emning ejele. Ebusweni bakhe kwehla izinyembezi ecabanga ubunzima asezobhekana nabo yedwa bengasekho abangani akade ephila nabo. Lokho kumenza abone ukuthi Ukuhlonipha abazali kumqoka kakhulu. Kule ncwadi Usekwanele ugetshwa uyise wakhe iminyaka engamashumi amathathu neihlanu 35.


Download Books "Ngenziwa Abangani" PDF ePub Kindle